Siphesihle Mavuso

Angali...

Angali.

Inyama yami, umkhondo iwukhomba kuwe.

Angali nginokuhanjiswa isisu uma ngicabanga ngawe,

Nginokumamatheka ngigcolozele udonga

uma kudilika imicabango engawe, yakho enqondweni yami.

 

 Angali

Nginokuzibona ngimbethe emhlophe qwa  ingubo,

Ngikhanyisa bha, amagceke akini

Ngifunga kuwe, Kumdali.

Angali kunokushayisana kwezithombe enqondweni yami

Ngesinye isikhathi, nami ngiphithane. 

 

Angali

Nasemaphuswheni ami uyanyakaza

awuhlaliseki, lapho mina sengidube sakithi

sengibizwa ngesakho isibongo,

sengiwafulathele amagceke akithi.

Imbewu yakho sengiyilethe ekuphileni,

Indla lifa yakho uyibuka ngamehlo akho .

 

Eqinisweni elisobala,

mina ngiyasaba,

Ungazishaya isifuba ngami? Uziqhenye ngami?

Noma hlezi wenzela ukuhlobisa igama lakho?

Mina ngiyasaba, hlezi imina onganathemba,

noma ukholo lwami ngalobudlelwane luncane.

kodwa umoya wami uyanqaba

uphikisana nayo imizwa yami.

 

Ngiyasaba, anginaso isiqiniseko, 

uma ngingabuza nje....

 

Uzokwazi ukungihlonipha,

Uhloniphe igumbi lethu lokulala?

Uzokwazi ukungithanda, ungangicasukeli?

Mina ngiysaba.

 

Ukungithanda kuhle komzimba wakho

uzokwazi na? 

Uzokwazi kungibusisa ekujuleni, 

Ungituse, buhle bami buphandle 

amehlo akho, ubone bami ubuso

ebunyameni nasekukhanyeni?

 

uzokwazi 

Uzokwazi ukungihola,uhole ikhaya lethu,

uhole izingane zethu, zibufunde kuwe ubuholi?

ungibambe ngesandla ubhule amazolo endleleni?

 

Ukwazi na ukungivikela?

Isifuba sakho Sibe isiqamelo sami.

Ungigone mina ngedwa uzokwazi?

Ukwethembeka kungaba isihlangu sakho?

 

Angali, uthi uyangthanda,

Uzokwazi ukungithanda njengalokhu

UKhristu athanda ibandla, waze wanikela ngenxa yalo.

 

Inkinga enginayo, indoda engeyami ngokwecebo,

Izokwazi kukwenza konke loku

okuyinkomba yothando lwayo kimi, naKumdali.

Noma imizwa yami ilwisa umoya wami,

Umoya wami udlangile uyalwa.

 

Awuyona indoda yami

uma unganazo izimpendulo

Noma ngithi awukak\'lungeli

ukuba Unkulunkulu wami wasemhlabeni. 

SP MAVUSO