Uyamthanda, uthe uyakuthanda
niyathandana...
uyathandeka, siyamthanda, uthandekile
Simthandile Uthandoo...
Luyini uthando?
Nginombuzo, odinga incazelo,
Luyini uthando?
Ngibuza ngoba omunye namanje
usazula ufuna uthando, ulifunile ebantwini
abaningi abahlukene azange alithola, lothando alifunayo.
Ngibuza ngoba omunye makazibuka esibuKweni,
uzibona angaphelele kungekho omunye wobulili
obuhlukile ozothi...Ngiyakuthanda.
Luyini uthando?
Ngiyabuza ngoba abanye bavalelwa emajele, egameni lothando.
ngiyabuza ngoba omunye izandla zakhe zivuza igazi lesithandwa sakhe
egameni lothando.
eminye imizi yavalwa egameni lothando.
ziningi izincazelo....
abanye bathi ugoodnight, goodmorning text okungenani,
abanye bathi amazwi nje noma imizwa nje
abanye bathi uthando ulibona ngezenzo.
abanye bathi into engekho, abasakholelwa kulo.
bakhona abathi lumnene, lumnandi uma ungalinika isikhathi.
Luyini uthando?
Uthando: Bheka lumi omnyango,
luyangqongqotha, uma umuntu ezwa izwi
lothando, avule umnyango, luyangena
kuye, ludle naye, naye adle nalo. uthando lwaphakade.
inhliziyo yakhe izungezwe uthingo lwenkosazana.
Loluthando alusoze lwaphela,
uthando oluvela ngokukhlwa...
kungekho nakunye kuleli elimagande okungakuhlukanisa nalo.
Luyini uthando?
Uthando luyabekezela, uthando lumnene, alunamhawu,
uthando aluzigabisi, aluzikhukhumezi; aluziphathi ngokungafanele,
aluzifuneli okwalo, alucunuki, alunamagqubu, aluthokozi ngokungalungile.
uthando luthokozela iqiniso,
lubekezelela izinto zonke,
luthemba izinto zonke, Uthando luletha ukuthula
uthando UJESU KHRESTU.
SP MAVUSO