Makube Khona ukukhanya

Siphesihle Mavuso


Notice of absence from Siphesihle Mavuso
I LOVE YOU , THE FOUNDATION OF THE WORLD IS WORDS DO NOT KEEP QUITE.

Makube Khona ukukhanya.

Lawa amagama amathathu okuqala

ekuqaleni komhlaba, akhulunywa

Owayekhona umhlaba ungakasekelwa.

Makube Khona ukukhanya,

Ngempela kwabakhona ukukhanya,

Kwaze kwakuhle....! Ukukhanya.

 

Ukukhanya kwaphandla ubumnyama,

Ubumnyam' azange kwapholisa maseko...kwanyamalala ubumnyama.

Abukho ubusuku emini, kanti ukukhanya kukhanya ebumnyameni.

Makube Khona ukukhanya.

 

Ukufika kwemini, ubumnyama kwaphelelwa indawo. Izikhali zokucapha isimo ebusuku azilahlwe.

Ayihlome ihlasele ngezikhali zokukhanya. Isibindi sesotsha ngezambatho zalo, amehlo wonke

Abhekile emini bebade,

Ngempela uhamba ekukhanyeni lowa.

Makube Khona ukukhanya. 

 

Ukukhanya kukhanya ebumnyameni,

Ubumnyama kwahluleka ukucima ukukhanya, sekwaba isililo semihla

esingayuphela Kanye nezinhloso zokuphindisela.

Lelo lizwi elamemeza ekuqaleni,

Nathi salizwa, balishumayeza,

Nathi sibhala impinda magama,

Isigci sombhalo, amagama siwahaya 

Ngezwi elikhulu, zonke izindlebe ziyokuzwa,  ayofika lawa mazwi ahlabe ahlukanise amalunga nomnkantsha,

Ukuthi UNkulunkulu ukukhanya, wayekhona ekuqaleni...ukhona,

Nasemaphakadeni. 

 

Isivumelwano sabantu, 

Ukukhanya kwabezizwe,

Kwafika kwakhanyisa "mina 

Ngingukukhanya kwezwe"

Uma UJESU ekukhanya, umuzi awudingi ilanga nenyanga kuze kuwukhanyise, inkazimulo

KaBABA iyakukhanyisa, nesibani sawo YiWUNDLU.

                         SP Mavuso 

  • Author: Siphesihle Mavuso (Offline Offline)
  • Published: April 14th, 2025 16:28
  • Category: Unclassified
  • Views: 7
Get a free collection of Classic Poetry ↓

Receive the ebook in seconds 50 poems from 50 different authors




To be able to comment and rate this poem, you must be registered. Register here or if you are already registered, login here.