Notice of absence from Siphesihle Mavuso
I LOVE YOU , THE FOUNDATION OF THE WORLD IS WORDS DO NOT KEEP QUITE.
I LOVE YOU , THE FOUNDATION OF THE WORLD IS WORDS DO NOT KEEP QUITE.
Igama elisha unikiwe.
Ngothando wanikwa igama elisha.
Ngomusa wanikwa igama elisha.
Ngokukholwa uyalithola igama elisha.
Walideka uBaba itafula lomusa.
Itafula elinezihlalo zabo bonke bantu.
Isihlalo ngasinye sinomnikazi,
negama elisha, elilodwa.
"Ungongcwele" nomnikazi wetafula ungcwele.
Ubaba owenza izwe angulizwi,
walingcwelisa izwe lakhe ngezwi.
Ulizwi wehlela emhlabeni wembatha inyama.
Igazi lakhe elingcwele lanisela emhlabeni
abakholwa yilo lizihlanza zonke izono.
Wamemezela ulizwi izwi, bashicilela
abafundi bakhe, ethi " Zanini kimi
nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo,
Mina ngizakuniphumuza" nasebusheni
Ungumphumuzi. Umphumuzi onenhliziyo
emnene, ethobile. Kungabikho odelela ubusha bakho.
kodwa ube yisibonelo ngezwi.
-
Author:
Siphesihle Mavuso (
Offline)
- Published: May 31st, 2025 16:10
- Category: Unclassified
- Views: 6
To be able to comment and rate this poem, you must be registered. Register here or if you are already registered, login here.